Pretoria – Iziguli ezingu-55 kwezingu-94 ezaziphazamiseke ngokomqondo ezashona ngemuva kokukhishwa eLife Esidimeni Health Care Centre bezisezikhungweni zasePitoli.
Kuvele ukuthi iningi leziguli zabulawa yindlala namakhaza, ukoma kanye nokunganakekelwa ngendlela.
Lezi ziguli zangeniswa ezikhungweni ezizimele ngemuva kokuba lowo obenguNgqongqoshe wezeMpilo uQedani Mahlangu edabule inkontileka neLife Esidimeni Health Care Centre ngoMashi 31, 2016.
Zilinganiselwa kwezingu-1 371 iziguli ezangeniswa kulezi zikhungo ezizimele kusukela ngo-Epheli 1 kuya kuJuni 30.
OLUNYE UDABA: Kushone iphoyisa logwaqo engozini
Iziguli kuthiwa zahlala izinyanga ezintathu ezikhungweni zingekho izisebenzi ezingakwazi ukunakekela ngendlela efanele iziguli futhi nezimali zingekho.
Izikhungo futhi zazingenazo izinsiza ezifanele kanti iningi leziguli lalingenawo amafayela anemininingwane ngokugula kwazo.
Ngaphezu kwalokho, kuthiwa iziguli zaziphathwa ngesihluku kwezinye zezikhungo.
- Pretoria News