Zesuliwe izinyembezi zezinduna zase-KZN

2017-03-09 07:17

Durban- UNgqongqoshe wezeziMali esifundazweni iKwaZulu-Natal ukhuphulele izinduna amaholo azo.

UBelinda Scott useveze ukuthi uMnyango wakhe ubeke imali engango-R252 million esikhwameni samaholo ezinduna.

Lokhu kusho ukuthi amaholo ezinduna azonyuka esuka  ku-R1 300 aye ku-R7 500 ngenyanga.

Izinduna zazikhala ngokuthi zihola kancane kakhulu zaze zadlulisela izikhalazo zazo kuMengameli Jacob Zuma.

Ngonyaka owedlule zisabise nangokuphazamisa ukhetho lohulumeni basekhaya, nokuyinto engazange yenzeke.

OLUNYE UDABA:Izinduna zisabise ngokuphazamisa ukhetho

Ethula isabelomali sika-R115 billion sika-2017/18 sesifundazwe esiShayamthetho eMgungundlovu izolo, uNgqongqoshe wezeziMali uthe: “Okunye okunomthelela omkhulu ezimalini zesifundazwe wukuholelwa kwezinduna.

"Lolu daba isifundazwe ebesilokhu sithwele kanzima ngalo eminyakeni embalwa edlule kusukela kwasayinwa isivumelwano sikaMengameli ngo-2014, sokuthi izinduna kumele zinyuselwe amaholo.”

Uthe yize lesi simemezelo senziwa kodwa akukaze kushiwo ukuthi imali yokuziholela izovelaphi.

Uthe u-50% wale mali uzovela eMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu esifundazweni oholwa nguNomusa Dube-Ncube, omunye u-50% uvele kweminye iminyango.

Uthe induna ngayinye izothola imali elinganiselwa ku-R90 000 ngonyaka, kubika iSolezwe.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.