Zibakhalele ababambe inkunzi abosizo lokuqala ngesibhamu sethoyizi

2017-06-05 18:01

Cape Town - Amaphoyisa aseWestern Cape abophe izigebengu ezinhlanu ngemuva kokubamba inkunzi abosizo lokuqala zisebenzisa isibhamu sethoyizi.

Lezi zigebengu ziboshwe eManenberg ngemuva kokubamba inkunzi ekuseni ngovivi ngoMsombuluko.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Andre Traut uthe: "Ngezithuba zabo-00:30 abosizo lokuqala babanjwe inkunzi bekhonjwe ngesibhamu ngabasolwa abangu-6 ngesikhathi besaxilonga isiguli."

Uthe leli qembu lezigebengu libalekile endaweni yesigameko kodwa kwathi ngemuva kwesikhashana laboshwa ngabaseshi baseManenberg.

OLUNYE UDABA:Kubanjwe inkunzi abosizo lokuqala KwaMashu

"USergeant Van Noie ulandele umkhondo kwathi ngezithuba zabo-03:00 ekuseni umsebenzi wakhe waholela ekutheni kuboshwe abasolwa abahlanu abaneminyaka ephakathi kwengu-20 nengu-27 ubudala. Ube esethola nempahla ebiyebiwe kanye nesibhamu sethoyizi ebesisetshenziselwa ukugebenga," kusho uTraut.

Uthe umsolwa wesithupha ukwazile ukubalekela ukuboshwa.

Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule kubonakale senyuka isibalo sokuhlaselwa kwabezimo eziphuthumayo eKapa.

Lezi zigameko zishiye abasebenzi bezimo eziphuthumayo benovalo.

UMnyango wezeMpilo eWestern Cape wamemezela ezinye izindawo zaseKapa njengezindawo ezinobugebengu kakhulu.

Abosizo lokuqala i-EMS abakwazi ukuyosiza kulezi zindawo ngaphandle kokukhashwa ngamaphoyisa.

  - SowetanLive


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.