Zibakhalele bedavuza ngezinyawo abasolwa ngokugqekeza e-KZN

2016-07-11 16:00

Durban – Abantu ababili abasolwa ngokuhlasela abanikazi bepulazi eMooi River, bakhalelwe amasongo kaSigonyela ngemuva kwamahora ambalwa besanda kugila lo mkhuba.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Thulani Zwane uthe kudubuleke omunye wabasolwa walimala ngesikhathi behilizisana nomnikazi wepulazi.

"Abasolwa batholakale ku-R103, eMooi River, ngeSonto ekuseni behamba ngezinyawo. Lo omunye odubulekile ungaphansi kweso lamaphoyisa esibhedlela.

OLUNYE UDABA: Iphoyisa lisenkantolo ngelokugqekeza

“Bazovela eNkantolo yeMantshi yaseMooi River ngoLwesibili bebhekene namacala okugqekeza,” kusho uZwane.

"Umnikazi wepulazi nomkakhe bebebukele umabonakude ngesikhathi bengenelwa abasolwa abathathu. Babe sebehlasela izithandani baziphuca nesibhamu,” esho.

Abasolwa babaleke ngezinyawo, amaphoyisa akwazi ukubabamba besabudebuduze nepulazi.

“Omunye wabasolwa usagcwele amathafa nesibhamu esebiwe,” kusho uZwane.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.