Zibhodla umlilo izikhulu zePirates

2017-01-29 13:26

Durban – USihlalo weChippa United uSiviwe “Chippa” Mpengesi ucasule uSihlalo we-Orlando Pirates u-Irvin Khoza njengoba kuthiwa umsola ngokungabi naso isifuba ezintweni ezibucayi.

UMpengesi umemezele kwabezindaba ukuthi iPirates nezakhe bavumelene ukushintshana ngabadlali.

UMpengesi uveze ukuthi ezakhe sezithole uJustice Chabalala, uDonald Mokondolela, uSello Jafta noNkosinathi Mthiyane beBucs. Uthe iChilli Boys inike iBucs uMark van Heerden noJames Okwuosa, kubika ILANGA LangeSonto.

UThembinkosi Lorch obebolekiswe yiBucs kwiChippa ubuyele emuva kweZimnyama.

Kuthiwa abadlali beBucs abathintekayo kule nto baphazamisekile njengoba bebengakaze batshelwe lutho futhi besajima nale kilabhu.

OLUNYE UDABA: Basongela iSundowns ukuyigila ese-Orlando Pirates

Leli phephandaba lithole ngemithombo yalo ukuthi uKhoza udinwe uyaqhuma yisenzo sikaChippa sokugijimela kwabezindmaba amemezele ngendaba yabadlali bePirates ekubeni kungakaqedwa lutho.

Kuthiwa uKhoza ucikwa ukuthi wamkhuza uMpengesi enza okufanayo ngodaba lukaMenzi Masuku kodwa useyaphinda.

Kuthiwa uKhoza usongele uMpengesi kanzima wamsola nangokukhahlelwa yihhashi esifubeni ngezinto ezimqoka.

Leli phephandaba lizamile ukuthola uKhoza kepha ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.

Thola udaba oluphelele kwiLANGA LangeSonto.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.