Zibulale ojele iziboshwa ezimbili ezeqe zihanjiswa kwelinye ijele

2017-06-15 07:03

Georgia - Iziboshwa ezimbili ezigwetshwe iminyaka eminingi zichazwa njengabantu abanobungozi kakhulu kulandela ukubulala onogada ababili, kubika i-Associated Press.

Lezi ziboshwa zeqe ngoLwesibili ekuseni ngabo:06:45 ngesikhathi zihamba ngebhasi zisuswa kwelinye ijele zihanjiswa kwelinye nezinye iziboshwa ezingu-31.

USheriff Howard Sills okhulumela amaphoyisa asePutman uthi akubonile ngesikhathi efika endaweni yesigameko kuhlasimulisa umzimba.

“Ngibone ojele ababili ababulawe ngesihluku, yilokho engikubonile. Igazi labo beligcwele yonke indawo,”kusho yena.

OLUNYE UDABA:Udedelwe ngemuva kweminyaka engu-17 owagwetshwa ngephutha efana nomsolwa

UDonnie Russell Rowe ugwetshwe udilikajele ngaphandle kwethuba lokuthola ushwele.

URicky Dubose, ozidwebile entanyeni naphezu kwamashiya, uyena ohlasele ujele wamubamba ngobhongwane wadonsa isibhamu sakhe wambulala wadubula nomunye.

Lo msolwa ubulale bobabili ojele uSgt. Christopher Monica kanye noSgt. Curtis Billue ngaphambi kokuhlasela umshayeli wemoto ebihamba ngemuva kwebhasi.

“Laba basolwa bahambe ngemoto eluhlaza yohlobo lwe-Honda Civic yango-2004 futhi bahlome ngezibhamu zojele abababulele,” kuqhubeka uSills.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.