Zibulewe izinja ezibulale ingane enezinsuku ezintathu izelwe

2016-07-04 14:32

Sacramento - Usosizini umama wengane enezinsuku ezintathu izelwe ebulawe yinja yakhe ayecabanga ukuthi iboshiwe ngaphandle egcekeni, lokhu kungokusho kwamaphoyisa aseCalifornia.

Amaphoyisa aseFresno  athi alokho icala elizovulwa kulandela isigameko esenzeke ngoMsombuluko ngezithuba zabo-12:30 ekuseni.

Umama oneminyaka engu-33 ubudala utshele amaphoyisa ukuthi wavula umnyango wendlu enzela ukuthi kungene umoya endlini. Wabeka ingane yakhe uSusie Kirby kusofa wase engena ethoyilethi.

OLUNYE UDABA: Ubonga izinja zakhe osinde edephunwa yingwe

Umfowabo kalo mama wayenezinja ezimbili okwakufanele ukuba ziboshiwe ngale kwendlu. Lo mama wabe esezwa ingane ikhala waphuma egijima ethoyilethi kodwa ingane yayisishonile. 

Ngokombiko weWorldwideweirdnews inja yaluma ingane emqaleni.

SIngane yaphuthunyiswa esibhedlela iCommunity Regional Medical Center lapho ehlonzwe khona njengomuntu oshonile.

Izinja zanikwa abeCalifornia Society for the Prevention of Cruelty to Animals zabulawa.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.