Zidedelwe ngebheyili izithandani ezaqola uMnyango

2017-10-10 17:59

eMpumalanga - Izithandani uThomas Masenya, 40, noKoketso Mosehle, 31, bavele eNkantolo kaMantshi yaseWitbank ngoMsombuluko, kubika iMpumalanga News.

Lezi zithandani zaboshwa wuphiko loKlebe eMpumalanga ngecala lokuqola uMnyango wezabaSebenzi imali engango-R130 0000.

Lezi zithandani zinikezwe ibheyili ka-R10 000 kanti icala lazo lihlehliselwe umhlaka-7 Novemba kulo nyaka njengoba abaseshi bacele isikhathi sokuqhubeka nophenyo lwabo.

OLUNYE UDABA: Kutholwe izithandani zishonile ngemuva kwephathi

Kwesinye isigameko, khona eMpumalanga, abashadikazi uGeorge Mabaso nomkakhe uMaria Mabaso nabo babhekene necala lokukhwabanisa.

Laba bashadikazi bakhokhelwa wuMasipala waseDkt JS Moroka imali engango-R10. 6 million esikhundleni sika-R1.6 million.

Laba bashadikazi bavele eNkantolo yaseFunda saseMdutjana, eSiyabuswa, lapho icala labo lihlehliselwe umhlaka-9 Novemba.

Ababuzwanga ukuthi bayalivuma na noma bayaliphika icala.

Okhulumela uphiko loKlebe eMpumalanga uKPT Dineo Sekgotodi uthe laba bashadikazi bakhokhelwa imali eningi kakhulu kunale okwakumele bayithole.

Uthi bakhokhelwa ukwenza umsebenzi othile ngemuva kokuthola ithenda.

"Ngesikhathi uMasipala elibona iphutha lakhe, wazama ukuyibuyisa le mali kodwa wathola itshe selome inhlama kwi-akhawunti.

"Uphenyo lwethu lwaveza ukuthi bayithatha imali bayidlulisela kwi-akhawunti eqondene nabo (hhayi eyenkampani yabo)," kusho leli phoyisa.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.