Durban – Zigcine zimkhalele owesifazane, 23, owalaxaza usana lwakhe lomfana olunezinsuku ezimbili luzelwe, emtholampilo iValley Trust, kusho amaphoyisa aseHillcrest, KwaZulu-Natal.Lo wesifazane kuthiwa washiya le ngane emtholampilo ngomhlaka-4 Julayi, kanti ubelokhu esekubhaceni kusukela lapho.Isakhamuzi sitshele iDaily Sun ukuthi le ngane yalethwa amadoda amathathu ngaphakathi emtholampilo ngemuva kokuthi eyithole ngaphandle kwesango. OLUNYE UDABA: Kutholakale usana selushonile lulahlwe nemfucuza“La madoda ayedlula ngendlela ngesikhathi ebona lolu sana,” kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Thulani Zwane.“Lolu sana lwatholakala lusesimeni esigculisayo, kanti kumanje luphila kahle kakhulu lapho lugcinwe khona.”Uthe umsolwa kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yasePinetown kungekudala.