Zihleli obala izinqe ku-Andile KaMajola

2017-01-22 17:04

Durban – Usemanzini abilayo abaselwe ngamalahle abomvu uMfundisi Andile KaMajola webandla i-All Nations Cathedral International Church, nongumculi wowkholo ohlinishwayo.

UMajola ubaselwa ngesikweletu ngumashoniska okhala ngokuthi inceku isidlala umacashelana ekubeni isamkweleta isizumbulu esifinyelela ku-R210 000.

Lo mashonisa, eligodliwe igama lakhe ngokwesicelo sakhe, uthi uMajola wayeboleke u-R350 000 ngesikhathi ehlela umcimbi owawuseMoses Mabhida Stadium eThekwini ngo-2015.

Lo mcimbi awuzange uqhubeke kulandela ukuquleka kukaMajola ephuma ejimini, nokwaba namahlebezi athi lokho kudalwe yingcindezi yokungahambi kahle kokudayiswa kwamathikithi eComputicket, njengoba kuthiwa kwadayiswa angu-6 769 nje vo.

OLUNYE UDABA: Adayiswa ubuthaphuthaphu aka-Andile KaMajola

Ngaphambilini uMajola waphika ukuthi kunomuntu amkweleta imali, kepha manje ugcine evumile wathi uzoyikhokha le mali uma esenayo.

“Yena makakutshele iqiniso, nokuthi yimalini esengiyikhokhile. Ngikulindele lokhu akwenzayo ngoba ababaningi abantu abakufisela impumelelo,” kusho umfundisi.

Umashonisa ukuthi okumcasula kakhulu ukuthi uMajola akasazibambi izingcingo zakhe.

“Ngamgcina ngo-Agasti ngonyaka odlule ngoba sesize samhlasela esontweni lakhe, siyokhuluma naye. Wathi uzimisele ukukhokha.

“Wabe esecela ukuba singahlali enkonzweni ngoba ngeke akwazi ukushumayela. Emuva kwalokho ukhokhe u-R50 000, kwase kuba ukunyamalala kwakhe lokho.

“Asimazi lapho ehlala khona kodwa siyezwa ukuthi uhamba ngezimoto ezinkulu kodwa uhlulwa ukukhokha imali yami.

Thola udaba oluphelele kwiLANGA langeSonto.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.