Zilinganiselwa ku-R100m izindleko zokulungisa izibhedlela zaseThekwini

2017-10-18 18:01

eThekwini - UMnyango wezeMpilo ngoLwesibili uveze ukuhlolwa komonakalo odalwe yisishingishane sangesonto elidlule uzodinga imali engango-R98.2m ukulungisa izikhungo zezempilo, kubika i-IOL.

Lo msebenzi omkhulu kangaka uzodinga ukuthi kusetshenzwe ngokubambisana noMnyango wemiSebenzi yoMphakathi kanye noMnyango wezeziMali ukulungisa izikhungo ezingu-13 ezilimalile.

Ezinye zezikhungo ezilimale kakhulu izibhedlela iWentworth kanye neKing Edward okudingeka u-R28.4m no-R25m.

Esibhedlela saseWentworth kwaphephuka uphahla emawodini amahlanu kanye nakwezinye izindawo kulesi sibhedlela futhi kwagcwala izikhukhula.

OLUNYE UDABA: Kulimale abahlanu kuwa uphahla eThekwini

Kube yisimo esifanayo eKing Edward, nakumawodi lapho kuhlala khona abasezimweni ezibucayi kanye nakumawodi okubeletha.

Isikhungo okuyisona esiphakela ezinye ngemishanguzo sizodinga u-R7.6m  ukuba kulungiswe lonke uphahla kanye nenye impahla elimele.

Ezinye izikhungo ezilimalile yiKwaDabeka Community Health Centre, St Aidans, St Mary’s, Osindisweni, Ekuhlengeni, Prince Mshiyeni, Addington naseCharles James Hospital.

UNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Aaron Motsoaledi uzifikele mathupha eThekwini ngesonto eledlule ukuzohlola umonakalo odalekile.

UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uSibongiseni Dhlomo uthi okubaluleke kunakho konke okwamanje yiziguli.

"Sijabulile ukuthi uNdunankulu uWillies Mchunu uzibambele mathupha ukuqinisekisa ukuthi wenziwa ngokushesha umsebenzi wokubuyisela isimo kwesijwayelekile.

"Sibonga kakhulu nosizo lwezibhedlela ezizimele ngokunikela ngezikhungo zazo ukuze kusizakale ezinye zeziguli zikahulumeni," kusho yena.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.