Zimkhalele obegqekezela abesifazane ebe amadilozi nobhodisi

2016-07-26 12:33

Tokyo - Iboshelwe icala lokweba indoda ngemuva kokweba impahla yabantu besifazane yangaphansi engaphezu kwengu-100 emzini wowesifazane, kusho amaphoyisa aseJapan.

Amaphoyisa aseFukuoka athe abophe indoda eneminyaka engu-44 ubudala uKo Fujinobu ngemuva kwezinsolo zokugqekeza emzini womuntu nokweba obhodisi namadilozi.

OLUNYE UDABA: Utholakale namacala umdlwenguli obegcina amadilozi

UFujinobu uthweswe icala lokweba nelokugqekeza.

Ngokusho kwamphoyisa owesifazane oneminyaka engu-27 ubudala ubikele amaphoyisa ngokuduka kwempahla yakhe yangaphansi.

Amaphoyisa abe esebuyekeza amakhamera onogada abona uFujinobu engena ephinde ephuma efulethini lalo wesifazane. Ngesikhathi ephoswa imibuzo uFujinobu utshele amaphoyisa ukuthi kuyamjabulisa ukungena ezindlini zabantu besifazane ebe impahla yabo yangaphansi.

Amaphoyisa ayibhekisa ophansi indlu yakhe athola amadilozi nobhodisi abangu-870.

UFujinobu uvumile ukuthi yonke le mpahla yangaphansi wayeba kubantu besifazane, kubika iwwww.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.