Zimkhalele odubule wabulala obesolwa ngokweba utshwala

2017-01-26 07:44

Port Elizabeth – Owesilisa waseWillowvale uboshiwe wathweswa icala lokubulala ngemuva kokuba edubule wabulala obebalekela izakhamuzi ebezimsola ngokweba utshwala.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Jackson Manatha uthe isisulu kuthiwa sibonakale seba utshwala emotweni ebipake kwesinye sezitolo ezinkulu eWillowvale ngezithuba zabo-13:00 ngoLwesibili.

UManatha uthe owesilisa ujahwe amalungu omphakathi ambone eba utshwala, wabalekela eWillowvale.

"Ngesikhathi ebona ukuthi usezobanjwa, ukhiphe ummese waqonda kulabo ebebemjaha. Umsolwa, obemi phambi kwakhe, uphike isibhamu wadubula,” kusho uManatha.

OLUNYE UDABA: Kuzovalwa amanzi amahora angu-16 eThekwini

UManatha uthe isisulu sishonele khona lapho.

UManatha uqhube wathi umsolwa odubule obesolwa ngokuba yisigebengu uzinikele emaphoyisa aseWillowvale.

Uwanikeze nesibhamu sakhe amaphoyisa, kwatholakala ukuthi sisemthethweni.

UManatha uthe umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yaseWillowvale ngoLwesibili.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.