Zimkhalele ogwaze umkakhe kubangwa isikweletu

2016-08-10 10:01

Abuja – Owesilisa waseLagos, eNigeria, uvele eNkantolo yeMantshi yaseBadagry ngezinsolo zokugwaza unkosikazi wakhe nge-screwdriver kulandela ingxabano.

Ngokombiko wePunch, uSunday Dennis ubekwe icala lokushaya nokuzama ukubulala ngezinsolo zokugwaza umkakhe uBlessing.

Lezi zithandani kuthiwa bezixabana zibanga imali unkosikazi ayiboleka umyeni wakhe.

OLUNYE UDABA: Owesilisa ubhekene necala lokugenca ingoduso ngembazo

“Kubangwe imali eyabolekwa nguSunday kuBlessing, kwathi uma uBlessing eseyifuna owesilisa wavuka umbhejazane wamgwaza,” kusho umthombo.

Ummangalelwa uyawaphika amacala abekwe wona, kanti ube esenikezwa ibheyili.

Icala libe selihlehliselwa umhlaka-6 Septhemba.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.