Zimkhalele osolwa ngokubulala intombi nomama wayo

2016-07-11 10:02

Durban – Iziphathimandla zaseKranskop abophe umsolwa oneminyaka engu-36 ubudala engakapheli amahora angu-24 kulandela isigameko ngezinsolo zokubulala umama nendodakazi, kusho amaphoyisa ngeSonto.

ULieutenant Colonel Thulani Zwane uthe abaseshi baphumelele, bathweswa indoda ngamacala amabili okubulala nelokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu ngoLwesihlanu.

OLUNYE UDABA:  Ubulale intombi eyisola ngokumthelela ngesifo socansi

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa la bantu besifazane bobabili bebesebndlini endaweni yaseKwazini eduzane naseKranskop ngoLwesine ngesikhathi le ndoda ibahlasela.

Le ndoda kusolwa ukuthi idubule yabulala intombi yayo eneminyaka engu-25 ubudala nomama wayo oneminyaka engu-50 ubudala kulandela ingxabano, uZwane uthe le ndoda ibe isidla phansi kodwa yatholakala isendaweni yaKwaDukuza ngoLwesihlanu ekuseni.

Ngokusho kukaZwane amaphoyisa athole isibhamu okusolwa ukuthi yiso esisetshenzisiwe ukubulala la bantu besifazane.

Umsolwa kulindeleke ukuba avele eNkntolo yeMantshi yaseKraskop ngoMsombuluko.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter            


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.