Zimkhalele osolwa ngokubulala iphoyisa, walimaza nelinye

2018-03-04 16:57

Johannesburg - Owesilisa oneminyaka engu-21 ubudala uboshiwe ngecala lokubulala iphoyisa nelokuzama ukubulala elinye futhi eSunnyside ePitoli, kusho amaphoyisa aseGauteng ngeSonto.

Abaphathi bamaphoyisa eGauteng bshayele ihlombe ukuboshwa ngokushesha komsolwa ngokubulala iphoyiwa elinguBrigadier Mathapelo Peters, 34, ngoLwesihlanu ebusuku.

Amaphoyisa athole imininingwane, athungatha umsolwa oneminyaka engu-21 ubudala ogcine eboshwe ngoMgqibelo, kungakapheli namahora angu-24 kwenzeke isigameko.

OLUNYE UDABA: Kushone abathathu kushayisana amaveni

Umsolwa uthweswe icala lokubulala nelokuzama ukubulala kanti uzovela eNkantolo kaMantshi ePitoli ngoMsombuluko.

Okhomishana wamaphoyisa eGauteng uLt-Gen Deliwe de Lange ubonge bonke ababambe iqhaza ekuboshweni komsolwa ngokushesha, ikakhulukazi abazibonele.

Iphoyisa elineminyaka engu-41 ubudala elisindile kulesi sigameko, liyelulama esibehdlela.

Amaphoyisa ahlaselwe ngesikhathi emisa esesha izimoto emgwaqeni.

- ANA

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.