Cape Town – Owesilisa oneminyaka
engu-31 ubudala wase-Eastern Cape, ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngezinsolo
zokudlwengula ingane yakamakhelwane, 10.
Amaphoyisa athi le ngane
yadlwengulwa ngesikhathi isiza le ndoda betheza izinkuni ehlathini
elingaseButterworth ngeSonto.
Kuthiwa le ngane yabikela
amaphoyisa ngalesi sigameko ngemuva kokusatshiswa yase ishiywa yodwa ehlathini.
OLUNYE UDABA: Kuboshwe umakhelwane ngokudlwengula isalukazi
Okhulumela amaphoyisa uCaptain Jackson
Manatha uthe: “Umndeni awuzange usole lutho ngoba umsolwa ujwayelene kakhulu
nomndeni, yingakho wavumela le ngane ukuba imphelezele.
“Le ndoda kuthiwa yabe
isiyalela le ngane ukuba ikhumule, yase iyayidlwengula.”