ZImkhalele osolwa ngokudlwengula isalukazi, 94

2016-08-15 10:01

Cape Town – Umsolwa, 28, ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngezinsolo zokudlwengula isakulazi esineminyaka engu-94 ubudala eFrankfort, kusho amaphoyisa aseFree State.

Lesi salukazi kuthiwa savuswa umsindo kwaso ngoLwesihlanu ebusuku, kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Livhuhani Hani.

Kuthiwa umsolwa wabe eseyasigxavuna, wasikhumula, wasitshela ukuthi asiyeke ukuklabalasa wase eyasidlwengula.

Omakhelwane kuthiwa baphuthuma ngemuva kokuzwa lesi salukazi sikhala.

OLUNYE UDABA: Kudlwengulwe isalukazi, 76, emzini waso

Umzukulu walesi silukazi utshele amaphoyisa ukuthi wahlangana nendoda echazwa njengowesilisa odlwengule ugogo wakhe, ngelanga lesigameko.

Umsolwa kuthiwa watholakala esagqoke izingubo ayezigqokile egila lo mkhuba.

Kulindeleke ukuba avele enkantolo ngoMsombuluko, kusho uHani.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.