Zimkhalele osolwa ngokuduna iloli lezinkwa eMlazi

2016-07-17 14:01

Durban - Kulindeleke ukuba ivele eNkantolo yeMantshi yaseMlazi kusasa indoda, 28, ebhekene namacala okuphanga ihlomile, ukutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu.

Le ndoda yaboshwa ngoLwesihlanu ngamalungu eTactucal Response Team eMlazi ngemuva kokuba umsolwa kanye nabangani bakhe besolwe ngokubandakanyeka esigamekweni sokuphanga esigcemeni sakwa-H eMlazi.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele odubule umshayeli ezama ukuduna imoto

NgoLwesihlanu ngezithuba zabo-09:30 umshayeli weloli wayehambise izinkwa khona kwa-H ngesikhathi ehlaselwa ngabasolwa abathathu. Kusolwa ukuthi waphoqwa ukuba angene ngemuva kweloli ekhonjwe ngesibhamu abasolwa bahamba. Amaphoyisa abikelwa ngokudunwa kweloli. Akuphelanga mizuzu emingaphi iloli latholakala amaphoyisa azama ukuyimisa. 

Ngokwesitatimende samaphoyisa kusolwa ukuthi abasolwa baqala bavulela ngenganono ebhekise emaphoyiseni amaphoyisa aziphindiselela. Kwaboshwa umsolwa oyedwa ababili bakwazi ukubaleka, umshayeli weloli wahlengwa.

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.