Zimkhalele ovulele ngenhlamvu ngemuva kokuncishwa iziphuzo

2018-01-24 18:00

Durban - Owesilisa ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngemuva kokuvulela ngenhlamvu ngasesikhumulweni samabhasi kuWarwick Avenue, eThekwini, ngemuva kokuncishwa iziphuzo.

"Ngabo-07:00 ekuseni umsolwa ufice amadoda amabili edlala i-snooker ezishayela neziphuzo. Ube esenxenxa ukuba amphuzise ngenkani, kwathi uma enqaba wawakhiphela isibhamu," kusho isitatimende samaphoyisa.

Kuthiwa la madoda amabili axoshe umsolwa, okuyilapho edubule khona ebhekise ngakuwo ngenhlanhla kwangalimala muntu.

"Umphakathi ube usuqoqana, wamtitinya ngenduku umsolwa kwaze kwalamula ukufika kwamaphoyisa abe eseyambopha," kuqhuba isitatimende.

OLUNYE UDABA: Udubule umkakhe emlenzeni kubangwa imali eduke endlini

Umbiko uqhuba ngokuthi umsolwa utholakale nesibhamu sohlobo lwe-9mm asisebenzise kulesi sigameko. "Uphenyo lokuqala luveze ukuthi umsolwa ubevele efunelwa icala lokubulala uKhulekani Sigwebela, 34, owadutshulwa washona ngoMgqibelo kuJulius Nyerere Avenue.

Esigamekweni sokuqala, kusolakala ukuthi isisulu sasiphuza nabangani baso nomsolwa ngesikhathi kuqubuka ingxabano. "Umsolwa wabe esehosha isibhamu wadubula umufi."

Umsolwa, 25, kulindeleke ukuba avele enkantolo kungekudala ngamacala okubulala, ukuzama ukubulala, ukutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.