Zimkhalele 'owadlwengula' wahuqa ubuthongo

2017-01-21 13:34

Eastern Cape - Umdlwenguli oneminyaka engu-35 ubudala uboshwe ngesikhathi elele embhedeni wowesifazane waseCentane, okunguye owabika isigameko, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape ngoLwesihlanu.

Okhulumela amaphoyisa uJackson Manatha uthe kusolwa ukuthi umsolwa wazenza uMsamariya olungileyo waphelezela lo wesifazane oneminyaka engu-21 ubudala esegoduka, besuka ethaveni eMzantsi, esigodini saseRwantsana, ngezithuba zabo-22:00 ngoLwesine ebusuku.

OLUNYE UDABA: Ugogo ukwazile ukukhiyela umdlwenguli

Ngesikhathi sebefika emzini kalo wesifazane, kusolwa ukuthi le ndoda yahlula lo wesifazane ngamandla, yamudlwengula.

"Isisulu sabona ukuthi umsolwa usezumekile, uhuqa obudala ubuthongo, ngoLwesihlanu ngezithuba zabo-02:00 ekuseni. Isisulu saphuma endlini sayobikela amalungu omphakathi ngezinsolo zokudlwengulwa," kusho uManatha.

"Amalungu omphakathi afika abopha umsolwa izandla. Kwabikelwa amaphoyisa, amaphoyisa afika ngokuphazima kweso endaweni yesigameko, lapho athola khona umsolwa."

Le ndoda ayihlaselwanga, kuqinisekisa uManatha.

Umsolwa uthweswe icala lokudlwengula kanti ulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseCentane ngoMsombuluko.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.