Zimkhalele owalaxaza izingane wayophuza nabangani

2016-07-31 14:05

London - Owesifazane waseBrithani obeseholidini ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngokulaxaza izingane zakhe zabafana, 9, ezingamawele wayophuza nabangani eBenidorm.

Omunye wala bafana uyiswe emaphoyiseni yizithandani ezimthole ethwabaza emgwaqeni eCosta Blanca ebusuku efuna umama wakhe.

Lo omunye umfana utholakale elele esicabheni salapho bebehlala khona njengoba bebeseholidini, kulandela ukufuna umama wakhe waze wakhathala ngoLwesibili ebusuku.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele osolwa ngokushiya izingane zodwa wayophuza

Lo mama zimkhalele ngoLwesithathu ekuseni ngemuva kokuthi amaphoyisa emthole elele lapho bebebhukhe khona yize izingane ubengazazi ukuthi zikuphi.

Kuvele ukuthi lo mama wanikeza lezi zingane imali yokuthenga ukudla, yena wangena endaweni yokucima ukoma.

Kwathi uma lezi zingane zibuya, zafika itshe selome inhlama, zanquma ukuhlukana zayobheka unina.

Lo mama uthi ubecabanga ukuthi lezi zingane zizoyibona indlela.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.