Zimkhalele owatshela izingane 'ngemikhuba yokukhulisa induku'

2017-03-29 14:02

Johannesburg -  "Chamela kulesi sihlahla ukuze kuzokhula induku yakho!"

Lo ngumyalelo wenyanga eyayiwubhekise ezinganeni zabafana ezingu-13 ngemuva kokuzibizela entanjeni.

Kodwa izinto azihambanga kahle njengoba 'izinduku' zalezi zingane zabafana zavele zaqala ukuncinza.

Lezi zingane zatshela abazali bazo mayelana nezihlahla nokuthi le ndoda yayiziwotawota "izinduku" zazo.

Umholi womphakathi uSizwe Hlatshwayo uthe abafana abaneminyaka ephakathi kwengu-9 nengu-12 ubudala basemjondolo yaseDelmore eKurhuleni bayengelwa ehlathini ngesikhathi bedlala ngoMgqibelo.

OLUNYE UDABA: Ukhala ezimathonsi owaqolwa ezama ukukhulisa 'induku'

Le ndoda ibe isitshela lezi zingane ukuthi zizichamele lezi zihlahla nsuku zonke, zaxwayisa ngokuthi zizophenduka izimpumputhe uma zingakwenzi lokhu.

Lezi zingane zithi zayilalela le ndoda ngenxa yokwesaba, kodwa ngemuva kwezinsukwana imphambili yazo yaqala ukuncinza zase zibikela abazali bazo.

Abazali ababedinwe begane unwabu baphuma ngobiningi babo beyofuna le ndoda eneminyaka engu-27 ubudala bayisabisa ngokuyenzakalisa.

Izakhamuzi zazifuna ukuyithungela ngomlilo kodwa yahlengwa ngamaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa aseReiger Park uConstable Mashudu Phathela uthe le ndoda iboshiwe kanti ibhekene necala lokunukubeza ngokocansi.

 - Daily Sun

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.