Zimkhalele owesifazane obanjwe nenqwaba yamakhadi akwa-Sassa

2017-09-04 12:30

Kimberley – Osolwa ngokweba amakhadi uboshwe uphiko loKlebe eBarkly West ngemuva kokutholakala namakhadi abantu abehlukene akwa-Sassa nawe-Easy Pay kanye nemali okusolwa ukuthi uyikhiphe ngawo.

Okhulumela oKlebe, uCaptain Philani Nkwalase, uthe owesifazane oneminyaka engu-44 ubudala uboshwe ngesikhathi ‘ekhipha imali’ engafinyelela ku-R7 230 kuma-akhawunti.

Ubanjwe ngesikhathi esebenzisa amakhadi angu-15 kwi-ATM eseBarkly West ngo-Agasti 31.

“Uthweswe icala lokwephula umthetho weNational Credit wabe esededelwa ngebheyili yamahhala emaphoyiseni.

“Kulindeleke avele eNkatolo kaMantshi eBarkly West ngoSepthemba 29,” kusho uNkwalase.

Kwesinye isigameko, omashonisa abayisithupha bavume amacala abo ehlukene ngemuva kokukwephula iNational Credit Act.

OLUNYE UDABA: Izakhamuzi zimise yonke into eVuwani

“Abasolwa bahlawuliswa u-R15 000 umuntu emunye noma unyaka bebhadla ejele.”

UJohanna Cornelia van Deventer, 69, wayalelwa ukuba akhokhe u-R5 000 noma ahlale izinyanga eziyisithupha ejele, kodwa walengiselwa isigwebo sakhe ngeminyaka emihlanu ngombandela wokuba angatholakali necala elifanayo.

U-Eric Swenson, 69, noPetrus Strydom, 26, bahlawuliswa u-R15 000 noma izinyanga eziysithupha bebhadla ejele ngemuva kokuvuma icala lokutholakala namakhadi angu-144 nemali engu-R24 150.

UWilhelmina Swart, 65, yena wahlawuliswa u-R5 000 noma izinyanga eziyisithupha ebhadla ejele, kodwa walengiselwa ngeminyaka emihlanu ngemibandela.

- Diamond Fields Advertiser

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.