Zimkhalele owesifazane obulale usana ngokuludlokodla ngenduku esithweni sangasese

2018-03-14 19:29

Lilongwe - Amaphoyisa aseKasungu, eMalawi, abophe owesifazane oneminyaka engu-34 ubudala oziphilisa ngokudayisa umzimba ngezinsolo zokubulala usana olunezinyanga ezintathu luzelwe.

 UMemory Kanjere usolwa ngokubulala ingane kaMadalitso Limbikani ngemuva kokuthi esole uLimbikani ngokumthathela indoda.

Lesi sigameko kuthiwa senzeka phakathi kukamhlaka-9 no-10 kwephezulu.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa uHarry Namwaza, lesi sehlakalo senzeka eTrading Centre lapho laba bobabili abasebenzela khona njengabaqwayizi.

“ULimbikani washiya ingane egumbini ahlala kulo ngesikhathi esayofuna amakhasimende. Kusolakala ukuthi wathi ephuma nje endlini, uKanjere wangena wathatha usana waya nalo ensimini yamakinati.

"Wafika ensimini waludlokodla ngenduku esithweni sangasese."

OLUNYE UDABA:Umqwayizi ubulale ingane ngoba imuphazamisa emsebenzini

UNamwza uthi umsolwa waphinde wadlokodla le ngane ngale nduku emlonyeni yaze yayophuma ekhanda. Kuthiwa wabe esethatha isidumbu sengane wayosibeka emzini wendoda ogama layo nguMoffat Kasala.

Kubikwa ukuthi nokho uphenyo lwaveza ukuthi nguKanjere obulale le ngane.

Ukuhlolwa kwesidumbu kutshengise ukuthi le ngane ibulawe wukulimala ekhanda, ukophela ngaphakathi kanye nokusha.

UKanjere kulindeleke ukuba avele enkantolo njengoba ebekwe icala lokubulala.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.