Zimkhalele owesifazane otholwe nesidumbu sosana oluzelwe

2018-02-27 14:06

Lilongwe - Amaphoyisa aseDowa, eMalawi, abophe owesifazane oneminyaka engu-40 ubudala ngemuva kokutholakala nesidumbu sosana oluzelwe athi uzibelethisile lona.

Usmsolwa u-Esnart Yusf uboshwe negmuva kokuba amaphoyisa encinzwe indlebe ngumamezala womsolwa.

Ngokusho kwalowo okhulumela amaphoyisa aseDowa, uSergeant Richard Kaponda, umsolwa washada nendoda ethile yaseKasungu.

UKopanda uthe ekuseni ngeSonto ngezithuba zabo-05:00 umsolwa waya endlini kamamezala wakhe eyomazisa ngokuthi usezibelethise ingane yomfana futhi isihonile.

OLUNYE UDABA:Usesitokisini obhokode unkosikazi ngommese washona

Ngemuva kokuba udaba lubikelwe amaphoyisa, umsolwa wahanjiswa kudokotela eDzaleka Health Centre lapho ahlolwa khona kwatholakala ukuthi akazange azibelethise futhi ubengakhulelwe nokukhulelwa.

Ngemuva kokuphoswa imibuzo, umsolwa wagcina evumile ukuthi wamba isidumbu sosana oluzelwe emathuneni asesibhedlela saseDowa.

Umsolwa kulindeleke ukuba avele enkantolo maduze uma sekuphothulwe uphenyo.

 - Malawi24



Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/World
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.