Zimkhalele owesifazane 'owabulalisa' umyeni wakhe

2018-02-17 15:30

Nelspruit – Owesifazane owayeyiphoyisa ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngendima ayidlala ekwakheni itulo lokubulawa komyeni wakhe, owayengusayitsheni ophikweni olulwa nokwebiwa kwemfuyo eHectorsport, ngoJulayi nyakenye.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Leonard Hlathi uthe uLerato Mokoena uboshiwe wabe esevela kafushane enkantolo ngoLwesihlanu ngezinsolo zokuba nesandla ekubulaweni komyeni wakhe, uVusi Dlamini.

UHlathi uthe uMokoena, naye owayengusayitsheni ngesikhathi kubulawa umyeni wakhe, usolwa nokusebenzisana nomngani wakhe uMduduzi Ndlovu, 24, ekwakheni itulo lokuthi umyeni wakhe amshayise ngemoto kepha enze sengathi kube yingozi.

Lesi sigameko senzeka ngomhlaka-13 Julayi ngonyaka ofile.

OLUNYE UDABA: Usazohlala esitokisini umhlengikazi 'owabulala' umyeni

“Itulo lakhiwa ngesikhathi uNdlovu, owayesebenzisa imoto kaMokoena, eshayisa uDlamini kanti imoto izophaphalaza yase ivelelwa yinkinga," kusho uHlathi.

Uthi uMokoena, owayesebenzela eTonga ngaleso sikhathi, watshela amaphoyisa ukuthi wayezivocavoca nomyeni wakhe ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.

UHlathi uthi uNdlovu wabaleka endaweni yesehlakalo ngemuva kwengozi kepha watholakala ngokuhamba kwesikhathi.

"Wavela eNkantolo yeMantshi yaseNkomazi, wanqatshelwa ibheyili njengoba esaboshiwe namanje," esho.

UHlathi uthi uphenyo lwaveza ukuthi uMokoena, owaxoshwa emaphoyiseni ngoNovemba, wakhela umyeni wakhe uzungu - wabe eseyaboshwa.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.