Zimkhalele ozame ukuthumba ingane eyisiphiwo

2016-08-01 13:32

Lilongwe – Zimkhalele owesilisa waseMalawi, eLilongwe, ngemuva kwezinsolo ezithi ubehlela ukuthumba intombazanyana eneminyaka engu-8 ubudala eyisiphiwo (Albino) ukuze ezodayisa amathambo ayo.

Ngokombiko weMalawi24, u-Alick Moses ubanjwe amaphoyisa ngemuva kokuba ebikelwe ukuthi uhlela ukuthola imvume yokuthumba intombazane emndenini wayo.

UKingsley Dandaula, okhulumela amaphoyisa aseLilongwe, uthe uMoses waqale wakhuluma nomfowabo wentombazane, ecela ukuba bamnikeze yona le ngane.

Funda nalolu daba:  Kutholakale usana lulahliwe eMolweni

Kuthiwa uMoses wacela kumfowabo wentombazane ukuyithumba ukuze ezodayisa izicubu zayo zomzimba.

Ngemuva kokubikelwa kwamaphoyisa, uMoses waxhumana nomama wengane wazama ukucela ukwenza naye isivumelwane sokuthola le ngane.

Umsolwa waboshwa ngemuva kancane kwaleso sehlakalo, ngemuva kokuba umama ebikele amaphoyisa.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.