Zimkhalele ubaba obedlwengula amadodakazi, waze wazalisa enye yawo

2018-02-22 18:00

Minneapolis – Indoda yaseMinneapolis eneminyaka engu-51 ubudala isolwa ngokushaya nokudlwengula amadodakazi ayo amabili angamawele kanjalo nokuwabophela embhedeni ngamaketangu.

Le ndoda ibekwe amacala ahlukene kuleli sonto okubalwa kuwo ukunukubeza ngokocansi, ukushaya isebenzisa isihluku kanye nokuhlukumeza abantu okumele engabe iyabanakekela.

Kulindeleke ukuba ivele enkantolo ngoLwesine.

Iphephandaba iThe Star Tribune libike ukuthi amacala avulelwe le ndoda kanye nencwadi yesivimbezelo kutshengisa ukuthi yazalisa elinye lala mawele izingane ezimbili.

OLUNYE UDABA: OwaKwaMaphumulo umithise indodakazi walala nomzukulu

I-Associated Press iligodlile igama likababa ukuze kuvikeleke laba besifazane abaseminyakeni eko-20 ubudala.

Iziphathimandla zithi lo baba wacikwa wukuthi enye yamadodakazi akhe isizibandakanya ocansini. Kuthiwa wayebuye akhale nangokuthi la mawele adla kakhulu.

Elinye lala mawele lakwazi ukweqa ngoMeyi lase libikela amaphoyisa ngalolu daba. Iziphathimandla zabe sezithatha elinye iwele kanye nodadewabo omncane ababesele nalo baba.

Elinye lala mawele elagcina ngokukhuleliswa nguyise lithi: "Wayengiphoqa ukuba ngilale naye. Le nto wayiqala kudala ngiseyitshitshi, eyenza zonke izinsuku. Wayenza okufanayo naseweleni lami."


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
 

LOL! 13 guilty dogs and their crimes

Lipstick, glitter, vacuum cleaners and even other pets, nothing is sacred or out of bounds for these naughty animals! Here are 13 of the best named and shamed viral pet pics.

 

Paws

Why we love cats
8 great natural remedies for your pet
How to clean your dog’s eyes
This special pooch inspired his brother to learn to stand again
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.