Zimkhalele ubaba 'obulale' ingane wathi yebiwe umqwayizi

2017-07-24 16:02

Johannesburg - Kuboshwe owesilisa ngecala lokubulala ingane yomfana eSoweto ngemuva kokuba phambilini etshele amaphoyisa ukuthi yanyamalala eyishiye nomqwayizi.

Amaphoyisa athe ingane yomfana enezinyanga ezingu-22 izelwe kubikwe ukuthi inyamalele ngoLwesithathu olwedlule.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Kay Makhubele uthe owesilisa oneminyaka engu-41 ubudala ubikele amaphoyisa aseJabulani ngokunyamalala kwengane.

"Ngokwemininingwane, ubaba wengane uhlangane nowesifazane, obekungokwesibili behlangana, bavumelana ngokwenza ucansi endlini yowesilisa ngesethembiso sokuthi uzomkhokhela imali.

"Kuthe uma befika [endlini], owesilisa wacela ukuhamba ayothenga ugwayi esitolo, washiya ingane nowesifazane,” kusho uMakhubele.

OLUNYE UDABA: Kuzogwetshwa owalahlwa amacala okunukubeza onobuhle

Owesilisa uthi ngesikhathi esebuya esitolo, owesifazane wayengasabonwa nengane, kusho uMakhubele.

Isidumbu sengane sitholakale ngemuva kwaseShoprite eZola, eSoweto, ngoMgqibelo.

UMakhubele uthi kutholakale ukuthi owesilisa wayeqamba amanga ngokunyamamala kwengane, abe esembopha.

UMakhubela uthi bekungakacaci ukuthi ingane ibulawe kanjani.

Owesilisa kulindeleke avele eNkantolo kaMantshi eProtea maduzane.

- Sowetan Live

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.