Zimkhalele ubaba owaphendula indodakazi isigqila socansi

2016-11-30 14:32

Johannesburg - Kuboshwe ubaba ngokwenza indodakazi yakhe eneminyaka engu-16 ubudala isigqila socansi ngemuva kokushonelwa ngunina.

Lo baba oneminyaka engu-42 ubudala waseKurhuleni, eGoli, usolwa ngokudlwengula indodakazi yakhe esikhulile zonke izinsuku yaze yakhulelwa.

Lo baba ube eseqhuba indodakazi yakhe wayoyikhiphisa isisu. Le ntombazane itshele amaphoyisa ukuthi ubaba wayo wayisabisa ngokuyilimaza kabi uma kuba khona emtshelayo ngokuhlukunyezwa ngokocansi.

OLUNYE UDABA: Kwaqala kumnandi kodwa sengiyisigqila socansi - Owesilisa

Le ntombazane kuthiwa yagcina itshele izingane efunda nazo ngodaba oluyiphethe kabi ekhaya.

Umngani wayo wabe esetshela uthisha, okunguye owadlulisela udaba kuthishanhloko.

Uthishanhloko wabizela lo baba esikoleni kwathi uma efika khona, amaphoyisa ambopha.

Lo baba uthweswe icala lokuhlela ukukhipha isisu ngokungemthetho.

Ingane kumanje igcinwe endaweni ephephile, kusho amaphoyisa.

"Kuhle okwenziwe yilo thisha nothishanhloko. Okwenzeke kule ntombazane akwamulekile kanti umthetho uzodlala indima yawo. Sinxusa amantombazane asesimeni esifanayo ukuba aphumele obala, angathuli."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.