Zimkhalele umfundisi obebophe indodana ngeketangu, walifaka ingidi

2016-07-25 16:01

Lagos – Umfundisi waseNigeria uboshiwe kulandela ukubopha indodana yakhe, 9, ngekentangu elikhiywe ngengidi, eyincisha ukudla, kusho amaphoyisa ngoMsombuluko.

"Silunywe indlebe ngomfanyana okhiyelwe egumbini elingasesontweni e-Atan. Sibe sesingena nezicabha sahlenga le ngane," kusho okhulumela amaphoyisa uMuyiwa Adejobi etshela i-AFP.

Uthe lo mfanyana utholwe eboshwe ngamaketangu ngoLwesihlanu.

OLUNYE UDABA: Kugqame ukuhlukumeza abesifazane bevela enkantolo

"Ubesesimeni esibi kakhulu ngenxa yokubulawa ngendlala. Umfana usitshele ukuthi ubaba wakhe ubemncisha ukudla kanti sekuphele inyanga evalelwe kuleli gumbi," esho.

"Kuyamangaza ukuthi umuntu ozibiza ngenceku kaNkulunkulu angenza into enobulwane kangaka," esho.

Kuthiwa lo mfundisi, 40, ubevalele lo mfana ngoba efuna ukumfundisa isifundo khona ezoyeka ukweba.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.