Zimkhalele umfundisi obekhiyele indodana egumbini eyibophe ngeketanga

2016-07-26 11:34

Lagos – Ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela umfundisi waseNigeria ngemuva kokubopha ngamaketanga indodana yakhe eneminyaka engu-9 ubudala isikhathi eside eyincisha nokudla, kusho amaphoyisa ngoMsombuluko.

"Udaba salusukumela phezulu ngemuva kokuncinzwa indlebe mayelana negumbi elikhiyiwe esontweni e-Atan kwisiFunda sase-Ogun. Sawugqekeza umnyango wavuleka sase sihlenga lo mfana, "kusho okhulumela amaphoyisa esifunda uMuyiwa Adejobi etshela abe-AFP.

OLUNYE UDABA:  Umfundisi ufuna indodabazi ibengumkakhe

Uthe lomfana utholwe ebophelwe phansi nengidi enkulu egumbini ngoLwesihlanu.

"Ubesesimeni esibucayi, egula ngenxa yokungadli. Lo mfana uthe ubaba wakhe ubengamuphi njalo ukudla wathi futhi usekhiyelwe kuleli gumbi isikhathi esingaphezu kwenyanga," kusho u-Adejobi.

"Kuyashaqisa ukuthi inceku yenkosi ibandakanyeke kulesenzo sobulwane," usho njalo.

Lo mfundisi oneminyaka engu-40 ubudala itshele abaseshi ukuthi ukhiyele indodana yakhe ngoba efuna ukuyenzela umsebenzi wokuthi iyeke ukweba.

"Le ndoda ithe indodana yakhe ibihlezi yena izinto kanti ukuyekisa lo mkhuba bekufanele ayibophe ngeketanga ukuze ingeke ibaleke," usho njalo.

Twitter:

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.