Zimkhalele umnikazi womuzi obulale umgqekezi

2016-07-15 14:30

Johannesburg – Owesilisa waseCenturion ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngemuva kokudubula umgqekezi ongene emzini wakhe, washona, ngoLwesihlanu ekuseni.

Ngokombiko weCenturion Rekord, okhulumela amaphoyisa uConstable Tumisang Moloto, uthe umufi ubehamba nomunye bezama ukuphula isango lomuzi ose-Erasmia, ePitoli.

“Umnikazi womuzi ube esedubula, kwashona umsolwa oyedwa kwathi omunye wabaleka kanti kumanje usagcwele izinkalo.”

OLUNYE UDABA: Umnikazi womuzi ubulale umgqekezi eThekwini

Amaphoyisa afike kulo muzi athola umgqekezi eseshonile, kunethoshi nommese eceleni kwesidumbu sakhe.

Umnikazi womuzi ube eseyaboshwa kwashaqwa nesibhamu sakhe.

“Ubekwe icala lokubulala, kanti sicela usizo lomphakathi ekutheni kuboshwe omunye umsolwa,” kusho uMoloto.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.