Zimkhalele uthisha ohlasele omunye kubangwa 'abayiqengqe'

2016-08-17 19:00

Bulawayo - Ugwetshwe izinyanga eziyishumi uthisha oneminyaka engu-42 ubudala, uSandra Hunyenye wasesikoleni iDavid Livingstone Primary ngoLwesibili eNkantolo yeMantshi yaseHarare ngemuva kokutholwa enecala lokuhlasela omunye kubangwa abafundi.

Ngesikhathi imantshi ikhipha isigwebo ithe othisha kufanele babe yisibonelo esihle kubafundi futhi bathenjwa ngabazali ukuba bafundise ngendlela elungile futhi ehloniphekile.

OLUNYE UDABA: Indoda ichomele unkosikazi 'ngenkomo' yentombi

Le mantshi iphinde yathi uHunyenye ubengakachzelwa kahle nguthishanhloko ngesikhathi ethatha udaba elubeka ezandleni zakhe wathi lesi sigwebo sizokwenza abantu ukuba baziphathe kahle emsebenzini bahloniphe abanye abasebenzi.

Inkantolo ilalele ukuthi isigameko senzeka ngomhlaka-25 Januwari ngezithuba zabo-10:00 ngesikhathi uPrecious Nyemba onguthisha ka-Grade 5 wayalelwa nguthishanhloko uNewton Ndhlela ukuba ashintshane noHunyenye ngabafundi ababili.

Lokhu akwehlanga kahle kuHunyenye owatshela uNyemba ukuba abuyise abafundi bakhe abayiziqengqe athathe abafundi bakhe abangasizo.

UHunyenye wabe esethuka uNyemba ethi ungumqwayizi emlandela eya naye ekilasini la afike amngenela khona ngesibhakela ekhanda waze wamgqubuza nasodongeni kathathu.

UHunyenye waphinde wadonsa uNyemba ngezinwele kodwa wabanjwa nguthishanhloko wangabe esakwazi nokuqhubeka nokumshaya.

UNyemba wavuvukala ubuso, kubika iBulawayo24.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.