Zimkhalele uthisha osolwa ngokudlwengula umfundi

2017-10-16 11:01

Tzaneen – Amaphoyisa aseLimpopo abophe uthisha oneminyaka engu-51 ubudala ngemuva kokuvela kwezinsolo zokuthi udlwengule umfundi esigodini esingaseTzaneen.

ULieutenant Colonel Moatshe Ngoepe uthe lo thisha ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngoMgqibelo ntambama.

UNgoepe uthe le ntombazane eneminyaka engu-14 ubudala yayisendleleni egodukayo ngoLwesihlanu ntambama ihambisana nalo thisha ngesikhathi yehlelwa yilo mshophi.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe uthisha ngokuhlukumeza izingane ngocansi

"Kusolakala ukuthi waqale wama esitolo wathenga okuthile, kwathi ngemuva kwalokho wadlwengulela le ngane ngaphakathi emotweni yakhe besendleleni egodukayo. Wabe eseyoyibeka kubo le ngane."

Lo thisha zimkhalele ngemuva kokuthi le ngane ivule icala esiteshini sendawo, kusho uNgoepe.

Kulindeleke ukuba umsolwa avele eNkantolo yeMantshi yaseRitavi ngoLwesibili.

UMnyango wezeMfundo eLimpopo awutholakalanga ukuba uphawule.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.