Zimkhalele umama 'ogwaze wabulala' amubambe 'edlwengula' indodakazi

2017-09-06 16:02

Johannesburg - Owesifazane wase-Eastern Cape ugwaze wabulala owesilisa waphinde walimaza abanye ababili, athi ubathole bedlwengula indodakazi yakhe eneminyaka engu-27 ubudala.

Isigameko senzeke emzini ongasahlali muntu eQumbu, eZwartwater‚ ngaseKomani‚ ngempelasonto.

Owesifazane, ongowaseLady Frere‚ uboshwe ngoMgqibelo ngokubulala uZamile Siyeka nangokulimaza uXolisa Siyeka noMncedisi Vuba‚ okumanje basesibhedlela iFrontier, eKomani.

Lona wesifazane uvele eNkantolo kaMantshi eLady Frere ngoMsombuluko wadedelwa ngebheyili ka-R500.

OLUNYE UDABAUmnikazi womuzi udubule wabulala umgqekezi

Ligodliwe igama lowesifazane ongumsolwa ukuvikela indodakazi yakhe, okukholakala ukuthi iyisisulu sokudlwengulwa.

Umama uthe ubesendlini yakhe ngesikhathi emenyezwa ngumngani wendodakazi yakhe, omtshele ukuthi indodakazi yakhe idlwengulwa ngabantu abathize abaphethe imimese.

“Ngifonele amaphoyisa kodwa ngangakwazi ukubika udaba lwami ngenxa yokuthi ucingo belungabanjwa.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.