Zingase zifele u-R30 izakhamuzi zaseGlebelands - Umbiko

2017-10-30 11:00

Durban - Zihlalele ovalweni izakhamuzi zasehostela lodumo iGlebelands eseMlazi, eliseningizimu yeTheku.

Lokhu kuza ngemuva kokuba amadoda asolwa ngokuba ngobhululu benkabi elahlwe yicala uMxoleleni Bhani ethe azoqoqa imali engu-R30 kwisakhamuzi ngasinye.

Ngokwamahlebezi, le mali ngeyokukhokhela uBhani ukuba akwazi ukudlulisa icala lakhe kulandela ukugwetshwa udilikajele.

Umthombo uthe: "La madoda ayesatshwa futhi akekho noyedwa ofuna ukuwavulela icala. Uma kukhona onqabayo ukukhipha le mali, angase azithole esenkingeni noma abulawe. Siyesaba ukuthi kusazochitheka elinye igazi.

"Ezinye izakhamuzi zingase zingakhulumi ngalokhu, kodwa zihlela ukulwisana nakho, kusazoshuba," kusho lo mthombo.

IDaily Sun ibike ngalolu daba ngo-Agasti, ngesikhathi kusanda kuzwakala udaba lokuqoqwa kwale mali. Izakhamuzi manje zithi sekuqaliwe ukuqoqwa kwayo.

"Ngesikhathi lolu daba lushicilelwa, abaqoqi bemali bayeka ukuyiqoqa. Kubonakala sengathi basaba amaphoyisa ayelokhu engena ephuma ehostela ephenya ngalolu daba.

"Manje ngoba isimo sesikahle aseqhubeka lapho ayegcine khona," kusho umthombo.

UBhani, 28, ugwetshwe udilikajele ngoJulayi ngelokudubula abulale uSipho Ndovela, 35, ngaphandle kwaseNkantolo yeMantshi yaseMlazi ngo-2015.

UBhani ungowokuqala olahlwe yicala lokubulala ehostela, yize sekubulawe abantu ababalelwa kwabangu-100 kusukela ngo-2014.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant-Colonel Thulani Zwane uthe abamangali kufanele babike ngokuqoqwa kwemali ukuze amaphoyisa ezophenya.

"Amaphoyisa azobavikela labo abazobika ngalolu daba."


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.