Zinikelelwe ngemali izintatheli ezixoshwe kwa-SABC

2016-07-20 10:01

Johannesburg - Isikhwama esivulelwe ukuba silekelele izintatheli zakuleli ezilahlekelwe wumsebenzi wazo ngokukhuluma ngokubika izindaba ngokukhululeka sesime ku-R28 000 namuhle ekuseni.

Le mali inikelwe ngabantu abangu-220 engakapheli amahora angu-21 ngemuva kokuba umhleli wezindaba zakwaNews24 u-Adriaan Basson evule i-akhawunti kuGenerosity.com.

OLUNYE UDABA: Sezixoshwe zonke izintatheli zakwa SABC ebezimisiwe

Kuxoshwe uThandeka Gqubule‚ uFoeta Krige‚ uLukhanyo Calata‚ uSuna Venter‚ uBusisiwe Ntuli‚ uKrivani Pillay‚ uVuyo Mvoko noJacques Steenkamp kwa-South African Broadcasting Corporation (SABC).

Lezi zintatheli zikhethe ukukhuluma ngesinqumo sesikhulu esiphezulu salo msakazeli womphakathi uHlaudi Motsoeneng sokungabiki ngemibhikisho enodlame.

"Yebo singabhikisha, sikhiphe izitatimende sibhale ingosi sibeseka kodwa ekupheleni kwenyanga kufanele bakhokhele izikweletu zxabo. Abanye babo banezingane," kusho uBasson.

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.