Zinqatshelwe ibheyili izelamani ezisolwa ngokunquma usisi wazo

2018-02-27 19:30

Johannesburg - Izelamani ezimbili zinqatshelwe ibheyili eNkantolo kaMantshi eLulekani ePhalaborwa‚ esifundazweni iLimpopo‚ ngemuva kokuboshelwa izinsolo zokubulala udadewabo.

Abasolwa baboshwe ngoMsombuluko kulandela ukutholakala kwesidumbu sowesifazane, singenalo ikhanda.

Amaphoyisa athi u-Ishmael Mopai‚ 28‚ kanye nomfowabo omdala, uMichael‚ 31‚ baseMatiko-Xikaya village ngasePhalaborwa‚ babhekene necala lokubulala nelokuphazamisa ukusebenza komthetho.

Isidumbu sika-Irene Mopai‚ 33‚ sitholwe yizihlobo ebezivakashele lo mndeni ngoMsombuluko ekuseni.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe inyanga ngokushona kukasomabhizinisi

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Moatshe Ngoepe uthi ikhanda lesisulu litholakale ngokuhamba kwesikhathi ehlathini eliseduzane.

Uthi uphenyo lwesikhashana luthole ukuthi izelamani ziyathinteka ekubulaweni kukadadewabo.

Uthi owesifazane ubulawe kade elele.

UNgoepe uthi izelamani zinqatshelwe ibheyili, icala lazo lahlehliselwa uMashi 8 ukuze kwenziwe uphenyo olunzulu, ziphinde zifake esinye isicelo sebheyili.

- Sowetan Live

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.