Zinqume ukuyokipita izelamani ezizalisene

2017-03-06 16:03

Durban - Usababaza ihlazo umndeni wezelamani zaseMagabheni, eningizimu yeTheku ezisolwa ngokumithisana kanti kuthiwa sezize zashiya ikhaya zayokipita, kubika iphephandaba ILANGA.

Lolu daba kuthiwa lufihliwe kule ndawo njengoba kuthiwa lezi zelamani - esesilisa sineminyaka engama-27 esesifazane ingama-21 - ILANGA elinawo amagama azo, sezikhethe ukushiya ikhaya ziyokipita ngoba zingayizwa eyokwehlukana.

Lolu daba luke lwadingidwa komunye wemisakazo yomphakathi lapho uninalume walezi zelamani ebegeqa amagula ekhuluma ngenkinga umndeni obhekene nayo njengona kuthiwa kazizwa lezi zelamani noma zitshelwa ukuthi ezikwenzayo kuyihlazo emphakathini futhi kakwamukelekile.

ILANGA likhulume naye uninalume - ongeke adalulwe ukuvikela umndeni njengoba sekukhona nengane - okuqinisekisile ukuthi umndeni ubhekene nale nkinga yabashana bakhe asebenomntwana ndawonye.

Uthi abashana bakhe bebehlala nonina wabo okunguyena obakhulisile kwazise uyise ushone besabancane.

Uthi inkinga iqale ngesikhathi bebona ushintsho entombazaneni, okugcine kuvelile ukuthi izithwele.

"Bekuthi uma udadewethu embuza ukuthi ukhuleliswe ngubani, angafuni ukusho ukuthi ngubani uyise wengane. Kuthe ekuhambeni kwesikhathi, udadewabo omncane watshela unina ukuthi uke amubone udadewabo omdala ebusuku eyolala embhedeni womfowabo. Sibe sesibahlalisa phansi babuzwa ukuthi kuqhubekani phakathi kwabo, yilapho bevume khona ukuthi ingane ngeyabo. Lokhu kusithusile siwumndeni batshelwa ukuba bayiyeke le nto ngoba iyihlazo futhi kayikaze yenzeka nje emndenini," kusho yena.

Uthi kunokuba bayeke, lona wesilisa uvele wakhetha ukuphuma ekhaya wayoqasha khona endaweni.

OLUNYE UDABA: Kawumenywanga umndeni ekhumula inzilo umkaNcwane

"Uthe uma ehamba umfana, nodadewabo wasitshela ukuthi ngeke asale ekubeni uyise wengane yakhe ehamba. Udadewethu lumuphethe kabi kakhulu lolu daba ngoba yizingane zakhe lezi," kusho yena.

Ebuzwa ukuthi lolu daba seluyaziwa yini emphakathini, uthe akanaso isiqiniseko kodwa bakhona abantu abasolayo ngenxa yokusondelana kwabashana bakhe ngendlela engajwayelekile.

Imizamo yokuthola lezi zelamani nonina, kayiphumelelanga njengoba uninalume ebethembise ukuxhumanisa leli phephandaba nabo.

Eseshayelwa ucingo ngesikhathi abethe makathintwe ngaso, bese luvaliwe engasayiphenduli nemiqhafazo abethunyelelwe yona kanti kuze kwashaya isikhathi sokuloba ucingo luvaliwe.

Isazi kwezamasiko, uDkt Velaphi "VVO" Mkhize, sithi uma kwenzeke into efana nalena kusuke kumele umndeni uye emsamo uyokhuluma khona ngaphandle kokushisa impepho.

"Uma beya emsamo akufanele bashise impepho futhi bangayi nesilwane khona kodwa kumele baziyele nje bakhulume bashweleze kwabadala, bacele nokuthi uma kuwumkhokha lona mawuvalwe. Uma sebeqedile ukukhuluma emsamo, kumele bathathe imbuzi bayihlabe bese kukhishwa umswani negazi kugezwe lezi zingane kuphinde kuchelwe nasebaleni, kucelwe ukuba lo mkhokha uvalwe," kusho uDkt Mkhize.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.