Harare – Lowo oyibamba
likaNgqongqoshe weziSebenzi nezeNhlalakahle eZimbabwe, uSupa Mandiwanzira,
usecele iszisebenzi zikahulumeni ezingaholile ukuba zibekezele.
Unezezele ngokuthi isimo
sizobuyela kwesejwayelekile kungekudala, kusho umbiko wephephandaba loMbuso iHerald ngoMsombuluko.
Lo ngqongqoshe uthe uhulumeni wenza konke okusemandleni
ukuholela izisebenzi ezingayitholile imivuzo yazo.
OLUNYE UDABA: Asinandaba neMelika - Zimbabwe
UMandiwanzira uthembise lezi
zisebenzi ngokuthi ngeke ibe ngumkhuba eyokuthi zingaholelwa ngesikhathi.
Uhulumeni waseZimbabwe sekuphele cishe isikhathi
esingangonyaka ungaziholeli ngesikhathi izisebenzi ngenxa yenkinga yemali
engenayo.
Kwake kwavela ngaphambilini
ukuthi uhulumeni uzoholela amasosha namaphoyisa sekudlule amasonto amabili
ngemuva kwelanga lomholo ngenxa yokushoda kwemali.