Zisesimweni esibucayi izithandani ezibanjwe inkunzi ehhotela eGoli

2017-06-19 16:01

Johannebsurg - Amaphoyisa aseGauteng athungatha iqembu lamadoda abehlomile abambe inkunzi abantu abebesuka esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International Airport, eKempton Park.

Kwembulwa kwembeswa endodeni nomkayo esibhedlela esiseGoli ngemuva kokuthola amanxeba amabi okudutshulwa ngesikhathi kubanjwa inkunzi ihhotela eMorningside, eSandton.

UCaptain Mavela Masondo uthe izithandani, ezidabuka eDemocratic Republic of Congo, zithathwe esikhumulweni sezindiza nge-Uber zihanjiswa ehhotela izolo ekuseni.

OLUNYE UDABA: Kuthungathwa abasolwa ngokubamba inkunzi epulazini

"Imoto ibisanda kufika ehhotela ngezithuba zabo-06:00 ekuseni ngesikhathi behlaselwa ngamadoda amathathu abehlomile, ehamba ngemoto yohlobo lwe-BMW emhlophe. La madoda afune izimpahla zalezi zithandani kodwa zalwa.

"Lezi zithandani zibe sezidutshulwa ngabasolwa ababaleke nezimpahla zazo, okubalwa kuzo ubucwebe, amaselula, imali nesikhwama sowesifazane," kusho uMasondo.

Uthe izithandani zisesimeni esibucayi esibhedlela.

Isigameko senzeke ngemuva kosuku kubanjwe inkunzi umndeni waseMoreleta Park inkunzi ngesikhathi ufika emzini wawo uphuma esikhumulweni sezindiza ngezithuba zabo-09:00 ekuseni.

"Lo mndeni wahlaselwa ngamadoda amane ayehlomile ngesikhathi ufika ekhaya. Waphucwa impahla yawo okubalwa kuyo, ubucwebe nemali."

UMasondo uthe lezi zigebengu zibamba inkunzi ngendlela eyodwa.

"Besingakabophi muntu okwamanje kodwa amaphoyisa athungatha abasolwa. Kuyaphenywa."

 - SowetanLIVE

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.