Zishise ibhasi izakhamuzi 'ezingamfuni uthishanhloko omnyama'

2017-08-03 09:32

Johannesburg – Izakhamuzi zingenele umbhikisho eKlipspruit, eSoweto, ngoLwesine ekuseni, zavala imigwaqo ngamathayi avuthayo nangebhasi.

Amaphoyisa akholelwa ukuthi umbhikisho umayelana nokungagculiseki kwezakhamuzi ngokuqokwa kukathishanhloko omnyama eKlipspruit West Secondary School.

Amalungu omphakathi azwakalisa ukuthi uhlelo lokuqoka uthishanhloko omusha alulandelwanga ngendlela efanele.

Nakuba bethi lolu daba aluhlangene nobuhlanga, umphakathi uthi ufuna uthishanhloko oyikhaladi.

OLUNYE UDABA: 'Umshado we-EFF ne-DA awusizi ngaluthi - Izakhamuzi

Amaphoyisa adala ukuthula emphakathini asejutshwe endaweni ukuba aqaphe isimo.

"Kunombhikisho namhlanje eKlipspruit West. Amalungu omphakathi adune ibhasi lakwaPutco avala ngalo umgwaqo u-R53 eKlipspruit West aphinde ashisa namathayi ezimoto,” kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Kay Makhubele.

Amaphoyisa kaMasipala waseGoli acele abashayeli ukuba bagweme u-K43 noKlipriver Valley.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.