Zishonile izelamani ezintathu zisha nomjondolo eWyebank

2017-06-12 17:59

Durban - Kuzwakale ubumayemaye izingane zihayiza zikhalela umama wazo emkhukhwini obuvutha amalangabi eWyebank, ngaphandle kweTheku..

Ngokubika kwephephandaba lomphakathi i-Highway Mail kubikwa usizi lodwa ngesigameko esibulale amawele aneminyaka eyisithupha ubudala kanye nodadewabo oneminyaka emithathu.

Isihlobo salo mndeni sithi abanaso isiqiniseko sokuthi uqale kanjani umlilo kodwa kusolwa isitofu.

“Oyedwa wabashana bami ubone intuthu ngesikhathi ephumela ngaphandle kwalo mjondolo oseceleni kwendlu.

“Uzamile ukugqekeza umnyango ngosizo lomakhelwa kodwa bahluleka ngenxa yokuqina komlilo. Izingane zishe zangqongqa kulo mjondolo onamagumbi amabili,” kusho isihlobo salo mndeni.

OLUNYE UDABA:IZITHOMBE: Kuqubuke umlilo esibhedlela saseKZN

Ngokubika kwamaphoyisa umama walezi zingane ubengekho ngesikhathi kusha kanti uthe uma esefika waquleka ngenxa yokuthuka esebona ukuthi izingane zishe zaba ngumlotha engekho.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Nqobile Gwala uthi amaphoyisa azophenya amacala obudedengu kulandela ukuthi izingane zishiywe zodwa kanye nembangela yomlilo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.