Zishubile izingxoxo zenyunyana emele abashayeli bamabhasi nabaqashi

2018-05-04 12:33

eGoli - Izingxoxo zokuqeda isiteleka sikazwelonke sabashayeli bamabhasi azihambi kahle njengoba zivalwe ngoLwesine kungabonwa ngasolinye phakathi kwezinyunyana nabaqashi.

Lokhu kulandela ukuba abaqashi bashaye phansi ngonyawo ekutheni abagudluki ku-8% abawunika abasebenzi ngonyaka wokuqala bese banyukela ku-8.5% ngonyaka olandelayo.

ISatawu ithi ifuna u9.5% ngonyaka wokuqala bese kuhlalwa ku-8.5% ngonyaka wesibili.

Lezi zinyunyana sezehlule kusukela ku-12% abeziwufuna.

OLUNYE UDABA: "Asiwafuni amabhasi anamakhoshi amathathu"

Okhulumela iSatawu uZanele Sabela uthi abaqashi ababafiseli okuhle abasebenzi,

"Isonto lonke bebelokhu bephika ukuthi basinika umnqamlajuqu wokuthi uma singakuvumi lokhu abakushoyo ngoLwesine, bazobuyela emuva batshele abezindaba ukuthi akukho okulungayo.

"Nokuyiyonanto asebeyenzile namuhla."


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.