Zisongelwa ngokubulawa izintatheli zeSABC

2016-12-14 14:30

Cape Town – Sekuvele izindaba zokuthi izintatheli zeSABC ezaziwa ngele “SABC 8”, nezake zaxoshwa ngaphambilini zabuye zabuyiselwa, zithola izinsongo zokubulawa njengoba ziyingxenye yofakazi ekomitini lasePhalamende eliphenya ngokuthi ibhodi leSABC lisawufanele yini umsebenzi.  

Lokhu kuvele ngoLwesithathu ngesikhathi iLungu lePhalamende le-UDM, uNqabayomzi Kwankwa, edalulela iPhalamende okuqukethwe emyalezweni osongelayo nothunyelelwe enye yalezi zintatheli kuleli sonto.

OLUNYE UDABA: Luya ngokujiya uphenyo lwephalamende ngodaba lwe-SABC

UNkwankwa utshele iphalamende ukuthi uthole ikhophi yalo myalezo kwenye yezintatheli ebifakaza ephalamende kuleli sonto.

 “Badayisi, ukuvikela abangani benu abamhlophe ephalamende abaqale lento, nikhuluma amanga ngama-comrades enu. Niyaxwayiswa… bukelani igazi ligeleza,” kuthiwa ufundeka kanje lo myalezo.

Lezi zintatheli zaxoshwa eSABC ngemuva kokuphikisana nomyalelo wokuthi zihlunge izindaba ezizicoshelayo ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya obelungu-Agasti nonyaka.

USteve Swart, we-ACDP, uchaze lezi zinsongo ngengento “eshaqisayo”, kanti iLungu le-ANC, uHlomane Chauke, uthi kumele kuvulwe icala lobugebengu.

Elinye iLungu le-ANC ePhalamende, uJabu Mahlangu, uthi iPhalamende kumele lenze konke elingakwenza ukuze livikele ofakazi. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.