Zithe aziyifuni ibheyili izinkabi ezisolwa ngokuzama ukubulala

2016-11-12 13:30

Durban - Abasolwa ababili ababhekene necala lokuzama ukubulala bathi abasayiceli ibheyili bazohlala ezitokisini, kubika iSOLEZWE.

UVusimuzi Mthembu, 42 kanye noPumlani Ndlanzi, 18 babhekene necala lokuzama ukubulala isalukazi uBhunyisa Mlambo, 88.

Laba basolwa ngokuba yizinkabi ezathengwa ukuba zibulale lesi salukazi ngoba sisolwa ngokuthakatha indodana yaso.

UNdlanzi ubefunda esikoleni samabanga aphakeme iThongwane kwMhlabuyalingana naye ukhethe ukuhlala ezitokisini.

OLUNYE UDABA:Uboshiwe othenge izinkabi ukuba zibulale usomabhizinisi

Laba bavele phambi kweMantshi yaseNgwavuma futhi abazange bazibeke izizathu zokungayifuni ibheyili.

UPetros Mlambo, 42, okunguyena othenge laba ukuba babulale unina naye uboshiwe kanti kulindeleke ukuba avele enkantolo ngesonto elizayo.

UMlambo uboshwe okanye nonkosikazi wakhe uHleziphi Mlambo, 42, yena owanqatshelwa kudala ibheyili ngesizathu sokuthi ngeke aphephe emphakathini wangakubo.

Lesi salukazi sasindiswa umzukulu waso owakhala kakhulu wamemeza ngesikhathi egencwa ngomhlaka 7 kuMandulo.

Ukumemeza kwalo mzukulu kwavusa amanye amadodana akhe agijimisa lezi zinkabi zaze zabanjwa nokuyilapho ezaveza khona ukuthi zithengwe indodana yakuwo lomuzi.

Unkosikazi kaMlambo yena uboshelwe ukuthi nguyena owayegcine imali engango-R1000 eyayizonikwa izinkabi ukuze zigeze isinyama, bese zikhokhelwa uR40 000 ngemuva kwalokho.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.