Zitholakale ziwumlotha izithandani emotweni eshile

2018-03-13 12:30

eThekwini - Amaphoyisa aseLimpopo aphenya ngokubulawa ngesihluku kwezithandani ezitholakale zishe nemoto yazo yohlobo lwe-Toyota Tazz.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Moatshe Ngoepe uthe lezi zithandani zathunjwa ngabasolwa abangaziwa ngesikhathi zihamba ngaseMakonde ngaphandle kwaseThohoyandou, eLimpopo.

"Ababulali babafake ebhuthini yemoto yabo laba bahamba nabo baya endaweni eyisigange ngaseMatiyani ngasemgwaqeni uPunda Malia. Badutshulwe babulawa base beshiswa nemoto," kusho uNgoepe.

OLUNYE UDABA:Lisenkantolo iphoyisa elisolwa ngelokudlwengula intombazane,15

Kutholakale nesidumbu sesithathu sowesilisa okukholakala ukuthi uneminyaka engu-26 ubudala sinamanxeba ambalwa okudutshulwa.

Lesi sidumbu sitholakale buqamamana nendawo lapho okutholakale khona imoto enezidumbu esishile.

Inhloso yokuhlaselwa kwalaba bantu kayiqondakali kahle okwamanje, kodwa uphenyo luyaqhubeka.

Amaphoyisa aseSaselamani aphume umkhankaso wokuthungatha abasolwa.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.