Zithole ukwelulekwa izintombi-nto esifundeni seLembe

2017-08-24 07:01

Durban - Zithole izeluleko zokugcina izintombi-nto ezivela kuso sonke isifunda seLembe, ngaphambi kohambo lwazo oluya eMkhosini Womhlanga, oba minyaka yonke esigodlweni seSilo samaBandla onke KwaNongoma, eNyokeni, ngenyanga ezayo.

IKhansela uDolly Shandu oyiSekela leMeya esifundeni seLembe uthe kubalulekile ukuthi uhulumeni ubonge kakhulu abazali bezintombi kanye nomama abazihlolayo ngomsebenzi omuhle wokuqinisekisa ukuthi izingane zamantombazane ziyabugcina ubuntombi bazo.

UShandu ubuye wagqugquzela izintombi ukuthi zibike njalo uma kukhona abantu abazinukubezayo, wathi okubuhlungu kakhulu ngukuthi abantu abajwayele ukuthinteka ezenzweni zokunukubeza amantombazane asemancane kuyaye kube ngamalungu omndeni.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Izintombi zaseMhlangeni

UMzimela obemele umndeni waseNdlunkulu yena unxuse izintombi ukuba ziqaphele kakhulu uma zifika esigodlweni seSilo, futhi zihambe ngandawonye ukuze kungabi khona izingozi ezizithola sezilengela kuzo.

Umasipala wesifunda seLembe uyaye uqoqe izintombi nto ezisuka ezindaweni ezifana nakwaDukuza, eMandeni, kwaMaphumulo kanye naseNdwedwe ezizohambela lo mkhosi ngenhloso yokuzipha izeluleko zokugcina njengoba ziyomela isifunda kulo mkhosi omkhulukazi weSizwe samaZulu, kubika i-KZN Eyethu.

 

 


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.